Izithakazelo zakwaHlela - Centre for Adult Education

Transcription

Izithakazelo zakwaHlela - Centre for Adult Education
Learn with Echo
Write to:
Learn with Echo
Freepost KZN 330
Scottsville 3209
You don’t need a stamp!
No. 1025
18 August
2011
Centre for Adult Education
Telephone 033 - 260 5592
http://cae.ukzn.ac.za/LWE.aspx
Izithakazelo zakwaHlela
Ngesonto eledlule sabhala ngomlando woHlela.
Kulelisonto sinibhalele izithakazelo zabo.
Isizinda sezithakazelo zakwaHlela yileii:
Hlela,
Madlula,
Kunene,
Hangala
Mphumela,
OMadlula befunda ngomlando wabo ku-Learn with Echo
Malakubusa
Wena kaNkani
Abanye babuyebafake baqhubeka bathi:
Maqeda ka Nkani, ka dabula izi ziba,
Hlangakazi,
Nyongo ye Nyathi.
Mashiya amambi,
Nhlonhlothi
Ngcwigcwi ezikhotha kumude ngoba ko mfishane ziyagoba
Baphi omama kwaHlela? OMadlula behlangene bedingida imvelaphi
nekusasa labo.
Bhabhazela, Mhlangenkosi
AbakwaHlela basembhidlagweni wokuqoqa nokuba bakhe umlando wabo. Bafisa ukuba uma kungabe kukhona ovumelana
noma ophikisana nako mhlawumbe kukhona abakushiyile ukuba ubazise. Bhalela kwa Learn with Echo ekhelini elungenhla
elingakhokhelwa.
Umhlangano olandelayo woMadlula uzoba ngomhlaka 02 October. Ukuzewazi kabanzi thintana no Mnu Khehla Hlela 0726114573
noma uMnu Ali Hlela 0730124381. Bayacelwa oMadlula kaNkani ukuba baphathe umlando nozalo ngezindlu ngezindlu.

Similar documents