Lesson 14 Dialogue UMathambo: Sawubona Zembe. Yimi
Transcription
Lesson 14 Dialogue UMathambo: Sawubona Zembe. Yimi
Lesson 14 Dialogue UMathambo: UZembe: UMathambo: UZembe UMathambo: Sawubona Zembe. Yimi uMathambo. Hawu, sawubona Mathambo! Nkosi yam’ unjani ke? Hhayi, ngikhona, ayikho inkinga. Nginombuzo mina. Kwenzekeni? Lutho kodwa ngifuna ukukwazi noma wena ufuna ukuhamba nathi? Thina sonke, abangane bakho, sifuna ukuya eThekwini ngenyanga ezayo. UZembe: Nina nonke? Kodwa, ake ungitshele nizohlalaphi? UMathambo: Sewakhohlwa yini? Abazali bakaCele banendlu eThekwini. Bathe singahlala kuyo iviki elilodwa. UZembe: Hhayi ngempela lokhu kuhle kodwa kufanele ngibacele abazali bami ukuthi bangangivumela ngiye futhi. Kuzobiza malini? UMathambo: Kuzobiza iR200.00. Le mali izothenga upetroli nokudla kodwa kufanele uphathe imali yakho futhi. UZembe: Ngibonga kakhulu! Ngizobacela abazali bese ngizokutshela kusasa. Vocabulary Yimi uMathambo hawu uZembe hhayi ayikho inkinga nginombuzo kwenzekeni Lutho Ukukwazi Sonke Ngenyanga ezayo Nina nonke Ake Ungitshele nizohlalaphi? Sewakhohlwa yini? Banendlu Singahlala Kuyo Elilodwa it is me male name my goodness male name oh no there is not a problem I have a question what happened? nothing (to) want to (it) know we all the following month you all please tell me (remember after ake, to use the subjunctive) where will you stay? did you already forget? they have a house we could stay (in) there (which) is one Ngempela Lokhu kuhle Ngibacele Bangingavumela Kuzobiza Malini? really this is nice I should ask them they would allow me it will cost How much (money)?